Reload
{"id":222879,"created_at":"2021-06-22 10:07:54","updated_at":"2024-05-19 00:08:09","deleted_at":null,"published_at":"2021-06-22 10:07:54","original_id":null,"artist_id":100547,"title":"Lazaru_Inhlupheko","slug":"lazaru-inhlupheko","status":"published","description":null,"album_id":null,"streets":1,"source_type":"s3","source":"file","lyrics":"Ngibuza enye intwana ehlala estradini ephethe u plastic ngithi sithini i storry sakho wabalekelani ekhaya \r\n\r\n*Coughing* Sorry Grootman...\r\nAkusiyo icorona indaba ngihishwa ilodoti man,\r\n\r\nNgzoqala ekuqaleni,\r\nIgama lami ngiwu Senzo Mathebula mlobi bengcela ubhale ngami Mhlawumbe kukhona ongasiza,\r\nAkukuningi engikhala ngakho upondo nje noma itoho lokuphila,\r\nUngbona nje ngihlala la ezitaladini impilo ayivumanga ngithe uma ngiphuma esiswini sika mame bathi ngangikhala Mhlawumbe ngangikhalela khona ukuhamba kwakhe emhlabeni,\r\nUmama akaphilanga wangshiya ngselihlule ngimncane,\r\nMina ngakhuliswa isinqandamathe sikababa es'ncane esathi angisibize u Mamncane,\r\nMina ngakhula ngazi umama ewumamncane kodwa okwakungimangaza ukuthi mina nezinye izingane singaphathwa ngokufana,\r\nWayengthuma ekseni ebsika ukuyokha amanzi emfuleni,\r\n\"Vuka uyokha amanzi uthi izingane zizogezangani ukuyeskolweni,\r\nWena sekumele lendaba yakho yase skolweni iphele uhambe laykhaya uyofuna umsebenzi,\r\nAwsenzeli lutho siphila ngokukondla\"\r\nKonke lokhu ngangingakunaki ngangivele ngithi kwazi wena jehova,\r\nLawomazwi ebeng'phatha kabuhlungu enhlizweni,\r\nUma ngikhale ubengikhomba izindunduma zamatshe ezisezansi ezaleni,\r\nEthi angihambe ngokhala kuzona ngimyeke ngescefe ziningi izinkinga anazo zasebaleni,\r\nUbaba mayevele uma engbona ezaleni ehle izinyembezi emehlweni,\r\nNaye kwakuyinkukhu inqunywe umlomo ngoba wayezwa ngo Mamncane emtshela engangzweli ngoba uyangqinisa ungenza indoda emtshela emehlweni,\r\nUma ngyeskolweni ekseni ubaba obengbiza engnike imali eceleni,\r\nEthi ngingatsheli muntu ngoba uzongena enkingeni,\r\nNgelinye ilanga wangbiza ksihlwa eqeda kudla wangtshela iqiniso ngomama wathi wadlula emhlabeni,\r\nWavuma ngekhanda mangimbuza ukuthi uyena lona abahlale bengkhomba yena ogqitshwe amatshe ezaleni,\r\n\r\nQede wehla izinyembezi umhayi wase ethi \r\nNgyaxolisa ukukutshela lokhu phela ubaba akasekho emhlabeni,\r\nU Mamncane wamthelela lokhu okwakufakwa emagundwaneni ekudleni kusihlwa wavuka esethule ekseni,\r\nUthi nami Ekhaya ngabaleka ngalobo busuku angiyanga nase mncwabeni,\r\nNgangazi akekho owayezongkholwa ngoba umamncane esontweni ungumvangeli,\r\nSenginemnyaka elishumi ngiphila la emgwaqeni,\r\nMbhali Ngcela ungang'dabukeli bhala ngami ephepheni noma bazwise lenkondlo emsakazweni,\r\nMhlawumbe kukhona ongasiza efake isandla ephaketheni,\r\nBathi blood is thicker than water kodwa mina njengoba ungbona ngacindezelwa iwona umndeni,\r\nMbhali bhala ngodaba lwami hleze ngisizakale,\r\nMusa ukungdabukela nami indlela yami le engangdalelwe yona,\r\nIqinisile incwadi encwele uma ithi uyohlupheka aze afe owenzalo yowesfazane soze akuthole ukuphumula,\r\nMbhali bhala ngami hleze Kukhona ongangsiza,\r\nMbhali bhala ngami hleze Kukhona ongangsiza,","download_count":145,"play_count":10,"restrict_download":0,"generated_thumbnail":null,"flag_count":0,"download_count_24":2,"download_count_24_at":"2024-05-19","reupload_sent":0,"thumb_path":"https:\/\/s3.eu-central-1.amazonaws.com\/sol-assets\/uploads\/public\/60d\/19a\/3ea\/thumb_690325_300_300_0_0_crop.jpg","status_reason":"published","status_reason_alt":null,"tags":[]}
Lazaru_Inhlupheko

CmitionSA

Lazaru_Inhlupheko

Loading your song...
Downloads: 145

Song Lyrics:

Ngibuza enye intwana ehlala estradini ephethe u plastic ngithi sithini i storry sakho wabalekelani ekhaya *Coughing* Sorry Grootman... Akusiyo icorona indaba ngihishwa ilodoti man, Ngzoqala ekuqaleni, Igama lami ngiwu Senzo Mathebula mlobi bengcela ubhale ngami Mhlawumbe kukhona ongasiza, Akukuningi engikhala ngakho upondo nje noma itoho lokuphila, Ungbona nje ngihlala la ezitaladini impilo ayivumanga ngithe uma ngiphuma esiswini sika mame bathi ngangikhala Mhlawumbe ngangikhalela khona ukuhamba kwakhe emhlabeni, Umama akaphilanga wangshiya ngselihlule ngimncane, Mina ngakhuliswa isinqandamathe sikababa es'ncane esathi angisibize u Mamncane, Mina ngakhula ngazi umama ewumamncane kodwa okwakungimangaza ukuthi mina nezinye izingane singaphathwa ngokufana, Wayengthuma ekseni ebsika ukuyokha amanzi emfuleni, "Vuka uyokha amanzi uthi izingane zizogezangani ukuyeskolweni, Wena sekumele lendaba yakho yase skolweni iphele uhambe laykhaya uyofuna umsebenzi, Awsenzeli lutho siphila ngokukondla" Konke lokhu ngangingakunaki ngangivele ngithi kwazi wena jehova, Lawomazwi ebeng'phatha kabuhlungu enhlizweni, Uma ngikhale ubengikhomba izindunduma zamatshe ezisezansi ezaleni, Ethi angihambe ngokhala kuzona ngimyeke ngescefe ziningi izinkinga anazo zasebaleni, Ubaba mayevele uma engbona ezaleni ehle izinyembezi emehlweni, Naye kwakuyinkukhu inqunywe umlomo ngoba wayezwa ngo Mamncane emtshela engangzweli ngoba uyangqinisa ungenza indoda emtshela emehlweni, Uma ngyeskolweni ekseni ubaba obengbiza engnike imali eceleni, Ethi ngingatsheli muntu ngoba uzongena enkingeni, Ngelinye ilanga wangbiza ksihlwa eqeda kudla wangtshela iqiniso ngomama wathi wadlula emhlabeni, Wavuma ngekhanda mangimbuza ukuthi uyena lona abahlale bengkhomba yena ogqitshwe amatshe ezaleni, Qede wehla izinyembezi umhayi wase ethi Ngyaxolisa ukukutshela lokhu phela ubaba akasekho emhlabeni, U Mamncane wamthelela lokhu okwakufakwa emagundwaneni ekudleni kusihlwa wavuka esethule ekseni, Uthi nami Ekhaya ngabaleka ngalobo busuku angiyanga nase mncwabeni, Ngangazi akekho owayezongkholwa ngoba umamncane esontweni ungumvangeli, Senginemnyaka elishumi ngiphila la emgwaqeni, Mbhali Ngcela ungang'dabukeli bhala ngami ephepheni noma bazwise lenkondlo emsakazweni, Mhlawumbe kukhona ongasiza efake isandla ephaketheni, Bathi blood is thicker than water kodwa mina njengoba ungbona ngacindezelwa iwona umndeni, Mbhali bhala ngodaba lwami hleze ngisizakale, Musa ukungdabukela nami indlela yami le engangdalelwe yona, Iqinisile incwadi encwele uma ithi uyohlupheka aze afe owenzalo yowesfazane soze akuthole ukuphumula, Mbhali bhala ngami hleze Kukhona ongangsiza, Mbhali bhala ngami hleze Kukhona ongangsiza,

Subscribe to get the hottest exclusive music and content straight to your inbox!

Register for Slikour On Life
Sign in for Slikour On Life